Description
Isisu sikal Uhitney sesiyaphenduka manje, usephefumulela phezulu: Ngabe 10 mfana ucabangani kodwa? Intombazana ilangazelela kakhulu ukuqatshulwa ayikaze iqatshulwe ngumfana. Kanti naye uLucky I0 yibhungu elibukekayo, elithandeka kwabaningi. U Whitney naye uyakuthanda ukubonwa ehamba nale nsizwa, nokuba nayo imfune. Wathula du walindela ukubona ukuthi izoqhubekayenzeni . .. ” Ukuqatshulwa kwakhe kokuqala uWhitney yinto angasoze ayikhohlwa.
Indawo yobumsulwa bobungane isithathwa ngumlilo wobusha isivuthevuthe sokuzwakala kothando. Le nto yena uyibona iyinhle kakhulu, kodwa uthisha wakhe ophambili, uNkk. Pillay, uyamxwayisa uWhitney ngokuthi kukhona olunye uhlangothi olungaleyana kwempilo yamajongosana enamalangabi.
UWhitney oneminyaka eyishumi nantathu uzobhekana ngqo nalolo luhlangothi – iminjunju yokulahlekelwa, ukugwazwa ngukukhohliswa kanye nokubaba kokwaliwa. Ubhekana ngqo namaqiniso esandulelangculazi (HIV) nengculazi (AIDS) azithole sekumele athathe izinqumo ezilukhuni ezizoguqula impilo yakhe yonke.
Le ndaba kaWhitney isizinda sayo 0kuseThemba1ethu, eNtsh0nalanga Kapa, iyamnyakazisa umuntu, imfake umfutho, imthathe iyomfaka emongweni wezinto abasha baseNingizimu ne-Afrika ababhekana nazo nsuku zonke. Uhambo 1ukaWhitney yilo sonke okumele siluthathe uhambo olungena emphefumulweni, lapho sithatha khona isinqumo ngalokho okubalulekile kithi, amagugu okumele sibambelele kuwo ekuphileni kwethu.
Othisha bangasebenzisa “Ukuqabula KukaWhitney” nj engengxenye yohlelo lokuvimba nokufundisa nge-HIV/AIDS. Umyalezo wenoveli okuyithemba, ukuqonda nokuzivikela ukhuluma ngokucacile nangomfutho nalabo abasengozini yokutheleleka yilolu bhubhane lwengculazi intsha yethu phela.
Umhlahlandlela KaThisha onemibuzo okungaxoxwa ngayo kanye namaphepha okusebenzela angafothokhopheka kutholakala kubashicileli.
Reviews
There are no reviews yet.